Uncategorised

UNGEMA UBONGELA UMTSHALI OQOKWE NJENGEPHINI LEMEYA KUMASIPALA UMHLATHUZE

UCLLR Muzi Mtshali oyiPhini leMeya kuMasipala uMhlathuze.

UMHOLI we-DA KwaZulu-Natal uSithembiso Ngema ebongela uCllr Muzi Mtshali oqokwe njengePhini leMeya eMhlathuze. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE

NOMCEBO NGEMA

UMHOLI we-Democratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal uSithembiso Ngema, ubongele uCllr Muzi Mtshali ngaphansi kukaMasipala was eMhlathuze, njengoba ekhethwe njengePhini likaMeya kulomasipala.

“Siyambongela kakhulu uCllr Mtshali, siyazi ukuthi umsebenzi owenziwe uCllr Christo Botha, ongasekho emhlabeni okunguyena obeyiPhini leMeya mukhulu kakhulu. Ubeqinisekisa ukuthi kulo masipala kuyasetshenzwa futhi kusetshenzelwa abantu. Ubephinde aqinisekise ukuthi uyawalwela amalungelo abantu abakhele lo masipala. Ukuthatha izintambo kukaCllr Mtshali kuwuphawu lokuthi usazoqhubeka la okugcine khona uCllr Botha,” kusho uNgema.

Uthi uCllr Mtshali uzoqinisekisa ukuthi umphakathi uphile impilo elinganayo, amabhizinisi ayaqhubeka ekhula futhi kudaleka amathuba emisebenzi kubantu ngale kokubheka ukuthi bakuliphi iqembu lezepolitiki, nokubona umnotho wendawo ukhula futhi uqhubekela phambili.

“Sithi kuCllr Mtshali akathathe lapha kugcine khona uCllr uBotha awazise umphakathi, awuhloniphe, aqinisekise ukuthi uyawulalela, imibono yawo uyayilalela aphinde awumelele kahle kuMasipala uMhlathuze,” kuphetha uNgema.