KUZOQHAKAMBISWA AMALUNGELO WABAKHUBAZEKILE KUMCIMBI WAMACIKO KUSASA

UMCIMBI wamaciko ozobanjelwa eBat Centre kusasa. ISITHOMBE: SITHUNYELWE
AKHONA DLAMINI
KUZOBUTHANA amaciko ahlukahlukene eBAT Centre eThekwini, kusasa emcimbini wobuciko obizwa nge-This Ability Art Festival, ohlose ukuhlonipha intsha yango-1976, iphinde iqhakambise amalungelo namathuba abantu abakhubazekile.
Lo mcimbi uhlelwe iCheerful Times, uzohlanganisa imibukiso, umculo izinkondlo ngaphansi kwesiqubulo esithi: “The Voice of the Unheard – From 1976 to Now.”
Umsunguli womcimbi, uSbonelo Mlita uthi nakuba bezoqhakambisa amaciko akhubazekile, kodwa bazophinde bazohloniphe isibindi sentsha yonyaka ka-1976.
“Iyohlala incomeka into eyenziwa intsha yangonyaka ka-1976, isibindi nokuzinikela kwayo kuyohlala kuhlezi ezinhliziyweni zethu. Namuhla abantu abakhubazekile basabhekene nokucwaswa baphinde bangabandakanywa ezindaweni ezithize. Kulo mcimbi sifisa ukukushintsha lokho sikhombise ukuthi abantu abakhubazekile banawo nabo amathalente futhi bayafana nawo wonke umuntu,” kuchaza uMlita.
Amathikithi atholakala ngo-R100, kanti kusukela kusasa mhla ziyi-16 kuNhlangulana azobiza u-R150. Umcimbi uzoqala ngehora leshumi ekuseni kuze kube ihora lesihlanu ntambama.
