BAYALWE NGOKUSEBENZA NGOKUTHEMBEKA OSONHLALAKAHLE ABAQASHIWE E-KZN

UNGQONGQOSHE uNksz Mbali Shinga eyala abasebenzi abaqashwe ilo mnyango ngokugcwele.

ABASEBENZI boMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi Kwazulu-Natal, bejabula ngemuva kokunikwa izincwadi eziqinisekisa ukuqashwa kwabo. IZITHOMBE: KZNDSD
NOMCEBO NGEMA
BAYALWE ngokusebenza ngokwethembeka, ukubeka phambili izalukazi, amakhehla, izingane, abakhubazekile abayizisulu zokuhlukunyezwa, abasebenzi abaqashwe ngokugcwele uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, emcimbini obuseGarden Court eThekwini, izolo. UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi Kwazulu-Natal uNksz Mbali Shinga, uqinisekise ukuqashwa kwabasebenzi abangama-139 abaqashwe ngokugcwele kwizikhundla ezehlukene, beqasha ngaphansi kwalo Mnyango.
UNgqongqoshe uShinga uthi amalunga omphakathi ebelokhu ekhala ngokushoda kosonhlalakahle ezikhungweni ezithile KwaZulu-Natal. “Lokhu kukhala komphakathi ngosonhlalakahle kwangithinta, ngoba abaningi bahlezi emakhaya abasebenzi. Kunosonhlalakahle abaneminyaka engama-15, abanye eyi-10 abahleli emakhaya nezitifiketi zabo ngenxa yokungawutholi umsebenzi, ngibe sengithatha isinqumo sokuthi sinciphise kwezinye izinto ukuze baqashwe, nakuba bekungelula ukwenza lokho. Abanye balabosonhlalakahle bebefundiswa imali yabazali yempesheni, abanye bekulalwa kungadliwe ekhaya ukuze kufunde bona. Nibekezele yonke leminyaka nihlezi emakhaya ningasebenzi,” kusho uNgqongqoshe uShinga.
Uqhube wathi laba okungalunganga kubona abangalilahli ithemba, ngoba lisazoba khona elinye ithuba njengoba izidingo zabantu zikhula nsuku zonke. “Abanye abantu bazibeka kahle uma besafuna umsebenzi, kuthi uma sebewutholile kuphela konke lokhu okuhle ababekusho ngabo, badelele abantu abazofuna usizo. Zingane zami ngicela ningakwenzi lokho ngoba njalo nizohola imali yokusebenzela abantu baKwaZulu-Natal. Abantu abazofika kunina emahhovisi bezofuna usizo ngicela ningababukeli phansi kodwa nibanike usizo ngehlonipho ikakhulukazi izalukazi, amakhehla, abakhubazekile, izingane ezihlukumezekile, abantu abahlukumezekile kanye nabantu abahlwempu. Lo mnyango waziwa ngobuntu, inhlonipho nokubeka abantu baKwaZulu-Natal eqhulwini ngaso sonke isikhathi,” kuphetha uNgqongqoshe uShinga.
Osonhlalakahle kanye nabanye banikwe izincwadi eziqinisekisa ukuqashwa kwabo ngokugcwele.
