Uncategorised

LUSAQHUBEKA UPHENYO KWELOKUGWAZANA KWABAFUNDI ESIKOLENI

UMBIKO: AKHONA DLAMINI

SELUYA ngasemaphethelweni uphenyo lokugwazana kwabafundi emagcekeni esikole Durban Centenary Secondary School.
Lokhu kufakazelwa ukuthi izikhulu zomnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, kulindeleke ukuthi zihlangane nabafundi bakulesi sikole kusasa.
Lesi sigameko sishiye abantu bekhungathekile ngempi yangesonto eledlule kugwazwana khona abafundi abathathu.
Kuthiwa abaphathi besikole nezikhulu zomnyango babambe umhlangano ukuze bathole imbangela yengxabano.
Kuqinisekisiwe ukuthi lesi sigameko besingahlobene neze nokucwasa ngokwebala.

Okhulumela uMnyango, uMnuz Muzi Mahlambi,
uzichithile izinsolo zokucwasana esikoleni, wathi impi ihlanekezelwe kwi-video.

“Siyakuchitha ukuthi kukhona ukucwasana kwezinhlanga esikoleni. Zonke izinsolo ziqhamuke nomuntu othathe ivideo. Ibingekho lento yokuthi izingane ezimnyama zishaya izingane zamaNdiya. Sibize umhlangano wabo bonke abafundi. Sizoxoxa nabafundi bodwa, othisha sizokubakhiphela ngaphandle. Inhloso ukuthi abafundi basho izinto okumele zisukunyelwe,” kusho uMahlambi.