ABAHOLI BAFUNA UBULUNGISWA NGO-NONJABULO (9) E-WILLOWFONTEIN #JUSTICE4NONJABULO

UNGQONGQOSHE uMnuz Siboniso Duma noCllr Mzi Zuma bevakashele umndeni wesisulu. ISITHOMBE: LINDELWA MAGWAZA
LINDELWA MAGWAZA
UNGQONGQOSHE wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma, ehambisana neMeya yoMkhandlu wesiFunda saseMgungundlovu uCllr Mzi Zuma, bavakashele umndeni wakwaNzimande eWillowfontein ngoLwesithathu beyobhonga emswaneni, ngemuva kokubulawa kukaNonjabulo Nzimande oneminyaka eyi-9 ubudala.
UNonjabulo kuthiwa wanyamalala ngempelasonto, isidumbu sakhe sitholakale ngoLwesibili sinamanxeba amaningi.UNgqongqoshe uDuma uthi ukudlula emhlabeni kukaNonjabulo kushiye umndeni nomphakathi wonke usezinhlungwini ezinkulu. “Uhulumeni uzosebenzisana nezinhlaka zomthetho ukuqinisekisa ukuthi bonke abathintekayo bayabhekana nengalo yomthetho futhi bathola isijezo esibafanele. Malunga omphakathi ngiyanicela ukuthi ningayeki ukweseka lo mndeni ngaleskhathi esinzima obhekene naso. Ngifisa abenzi bokubi bathole isijezo esibafanele ngesenzo abasenzile,” kusho uNgqongqoshe uMnuz uDuma.
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athi asola ukuthi le ngane yanyukubezwa ngokocansi ngaphambi kokuthi ibulawe, kanti sekuboshwe abasolwa ababili mayelana naleli cala.IMeya uCllr Mzi Zuma uthi ukuvikelwa kwezingane kuwumsebenzi wawo wonke umuntu. Ube esenxusa umphakathi ukuthi usebenze ngokubambisana namaphoyisa ekubikeni ubugebengu. Umphakathi uthi ufuna labo abazotholakala benecala bagwetshwe kanzima, ukuze kuthunyelwe umlayezo oqinile wokuthi ubugebengu obenziwa ezinganeni ngeke bubekezelelwe.
