Uncategorised

KWETHULWE UMKHANDLU OZOLWA NOBUGEBENGU KWACALUZA

IPHINI likaNgqongqoshe uMnuz Kenny Morolong ethula ngokusemthethweni umkhandlu wezifunda ezihlangene ozolwa nobugebengu. ISITHOMBE: GCIS

LINDELWA MAGWAZA

IPHINI likaNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uMnuz Kenny Morolong, lethule ngokusemthethweni umkhandlu wezifunda ezihlangene ozolwa nobugebengu, kwaCaluza Community Hall and Sports Complex, eMsunduzi ngoLwesine, ngenhloso yokuqinisa ukuphepha ngokulwa nobugebengu okuhlanganisa uhulumeni, amaphoyisa, amabhizinisi, izinhlangano zomphakathi nezakhamuzi.

UMnuz Morolong uthi uMgungundlovu yisiFunda esinomlando wobumbano nesibindi, wathi lowo moya uyadingeka ukuze kubhekwane nenkinga ekhulayo yobugebengu kanye nodlame osekubhidlangile kule ndawo. “Impumelelo yalo mkhandlu izoncika ekubambisaneni kwazo zonke izinhlaka,” kusho uMorolong.

IMeya yoMkhandlu wesiFunda saseMgungundlovu uCllr Mzi Zuma, uthi ukulwa nobugebengu akuwona umsebenzi wamaphoyisa kuphela, kodwa nomphakathi nawo kufanele ubambe iqhaza ekwakheni izindawo ohlala kuzona ziphephr ngokusebenzisana nezinhlaka zomthetho.