UYAFIHLWA NAMUHLA U-DKT NTUTHUKO MAHLABA

UDKT Ntuthuko Mahlaba obekwa endlini yakhe yokugcina namuhla.
NOMCEBO NGEMA
UYABEKWA namuhla endlini yakhe yokugcina uDkt Ntuthuko Mahlaba, odlule emhlabeni ngoMgqibelo odlule, eshayiswa imoto ejoga. Inkonzo yokumphelezela izokuba seSt Matthews Anglican Church, Nkande Village, eNquthu, ngehora lesi-9:00 manje ekuseni.
UDkt uMahlaba washayiswa imoto ngoMgqibelo odlule ejoga eNewcastle, waphuthunyiswa esibhedlela okuyilapho okwamenela khona, ngenxa yokulimala kanzima. UDkt uMahlaba uzohlonishwa ngomgcwabo osezingeni lesifundazwe kulandela isicelo esenziwe umndeni kuNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli. UNdunankulu uMnuz uNtuli ube esenza isicelo kuMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, wavuma ukuthi uDkt uMahlaba ahlonishwe ngomgcwabo osezingeni likahulumeni wesifundazwe.
INhloko yezokuxhumana ehhovisini likaNdunankulu, uMnuz Bongani Gina uthi uDkt Mahlaba ukufanele ukuhlonishwa, ngomngcwabo isezingeni likahulumeni. “UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli uthi kufanele ukuthi ahlonishwe ngalolu hlobo lomgcwabo uDkt uMahlaba., ngenxa yeqhaza alibambile ekuthuthukiseni imiphakathi yesifundazwe saKwaZulu-Natal, ngesikhathi enguNgqongqoshe, nangesikhathi eyilunga leSishayamthetho. Uhulumeni wesifundazwe usebenza ngokubambisana nomndeni wakwaMahlaba ukuze inkonzo yokugcina yokuphelezela uDkt uMahlaba ihambe ngesizotha, nangokuhlonishwa ngokwezinga lesifundazwe,” kusho uMnuz uGina.
UDkt uMahlaba uke waba uNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uNgqongqoshe woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu njengoba manje ebeseyilunga leSishayamthetho. Okulindeleke ukuthi babe ingxenye yalo mngcwabo uNdunankulu uMnuz uNtuli, uNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, amalunga e-African National Congress (ANC), amalunga eSishayamthetho saKwaZulu-Natal nabanye abaningi.
