UKUQHAKAMBISA AMAGUGU NAMASIKO KUMBEKE E-INDIA U-ZAWADI

UMBIKO: AKHONA DLAMINI
UKWENZA umculo wokuzigqaja ngamagugu namasiko kumthathe kwambeka esicongweni umculi, kulandela ukumenywa e-India ukuyoqhakambisa amasiko namagugu ngomculo wesiNtu.
UZawadi Yamungu, uthi uthole isimemo esihloniphekile esivela kwi-Indian Consulate.
“Uhambo luzothatha amasonto amabili, ngaphansi kohlelo olunothisayo lokushintshana ngamasiko emculweni,” kusho uZawadi.
UZawadi kulolu hlelo uzokuba esebenzisana neciko elidumile laseNdiya uCaroline Governder.
Zawadi uzokuba kwizingqungquthela ezahlukahlukene, emidlalweni, nasemicimbini yomphakathi, lapho ezobonisa i-tapestry enothile yamagugu omculo nokuyilapho ezobe efunda khona amasiko omculo waseNdiya.
“Ngizizwa ngihloniphekile ngokuthola leli thuba lokuxhumana noCaroline sabelane izindaba zethu ngomculo. Ngikholelwa ukuthi umculo unamandla okuhlanganisa nokukhuthaza. Ngibheke ngabomvu ukuzibonela mathupha isiko elicebile laseNdiya.” Kusho uZawadi.
Ithalente likaZawadi elikhethekile limenze wanconywa kuleli nasemhlabeni jikelele, futhi ukubamba iqhaza kwakhe kulokhu kucobelelana ngamasiko kuyisibonelo sokuzinikela kwakhe, ekuthuthukiseni idayalogi yamasiko ahlukene ngobuciko
