KUHLEHLISWE UKULALELWA KOBUFAKAZI BUKA-CAT KWIMADLANGA

UVUSUMUZI “Cat” Matlala. ISITHOMBE: FACEBOOK
LWAZI MABASO
KUHLEHLISELWE umhla lulunye kuMandulo kulonyaka, ukulalelwa kobufakazi bukasomabhizinisi osolwa ngoxhaxha lwamacala okukhwabanisa, nokuzama ukubulala uVusumuzi “Cat” Matlala.
Lokhu kulandela isicelo sabameli bakhe sokuthi angafakazi namuhla, sekusele izinsuku ezimbalwa ngaphambi kokuthi kuqale ukuqulwa kwamacala asolwa ngawo, kulindeleke ukuthi avele enkantolo mhla zingama-20 kuNtulikazi 2026.
Abameli bakhe baveze ukuthi ukufakaza kwakhe namuhla kuzophambana namalungelo akhe omthetho sisekelo, njengoba engumuntu osolwayo ongakatholakali enecala. Abameli baqhube bathi bafake isicelo esisemthethweni sokuhlehlisa ukufakaza kwakhe, ngoba bakholelwa ukuthi ukukhuluma kwakhe manje kungase kuphazamise indlela azozivikela ngayo enkantolo ngeviki elizayo.
Amalunga eKhomishana abe esebuza ukuthi ngabe kukhona yini umthetho othi umuntu osolwayo akufanele afakaze kwiKhomishana, ngaphambi kokuthi avele enkantolo.
