Uncategorised

ULUNDI UNITED LUGUQISE AMAZULU FC

AMAGOLI eqembu Ulundi United ashaywe uPhilasande Mbatha noMandisa Khumalo. ISITHOMBE: PRINCE MANGOSUTHU LEGACY CUP

AKHONA DLAMINI

Ulundi United lubhaxabule Amazulu FC, lwazibekela indawo kumqhudelwano wamanqamu kwiPrince Mangosuthu Legacy Cup 2026, ezinkundleni zemidlalo ePrince Mangosuthu Buthelezi Stadium. AmaZulu aguqiswe Ulundi United ngamagoli amabili eqandeni ( 2-0), emdlalweni wokuqala odlalwe namuhla ekuseni, ngehora lesi-09:00.

Leli qembu lasekhaya liqale umdlalo ngegiya eliphezulu, ngokuguqisa AmaZulu kumdlalo wokuqala. UPhilasande Mbatha uvulele Ulundi United igoli ngomzuzu we-15, kwathi uMandisa Khumalo waqinisekisa ukunqoba ngokushaya elesibili.Umqeqeshi wo-Ulundi United, uthe leli qembu liqale kahle kakhulu ingakho likwazile ukuthola amagoli kusenesikhathi.

“Isiwombe sokuqala besivutha amalangabi, ingakho sikwazile ukushaya igoli ngomzuzu we-15. Esiwombeni sesibili sidlale ngaphansi kwezinga ebesilifuna, kodwa ngiyaziqhenya ngokuthi sikwazile ukwengeza ngelinye igoli. Ngijabule nangendlela abadlali bami abadlale ngayo njengoba sibe nesonto elilodwa vo lokuzilolonga,” kusho umqeqeshi.

Umqeqeshi waMaZulu uzwakalise ukudumala ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo.“Bekufanele senze kangcono kunalokhu. Abadlali bami bebengadlali ngendlela ebengiyilindele. Kuzomele silungise lamaphutha emidlalweni ezayo,” kusho yena.Ngokunqoba kulo mdlalo, Ulundi United selizobhekana neqembu elizonqoba emdlalweni phakathi kweNsingizini Hotspurs neMbabane Highlanders FC kowamanqamu ntambama.