Uncategorised

UZOPHENYWA NGEZINDLU EZIHLALA IZIKHULU ZIKA-HULUMENI

UNGQONGQOSHE uDean Macpherson ofuna kuqalwe uphenyo lwezindlu. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

UNGQONGQOSHE woMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda kuzwelonke, uDean Macpherson, ufuna kwenziwe uphenyo oluphelele ngezindawo ezingaphezu kwezi-6 000, okuvela ukuthi ziphethwe uhulumeni kodwa zihlala izikhulu zikahulumeni.

UMacpherson uthi umbuzo ophakanyisiwe ephalamende uveze ukuthi uhulumeni unezindawo zokuhlala eziyi-6 238, ezisetshenziselwa ukuhlalisa izikhulu zikahulumeni, ngaphezu kwalokho izikhulu ziphinde zithole izibonelelo zezindlu.“Uphenyo kufanele luveze ukuthi obani abahlala kulezi izindawo, kungani zabelwe bona. Noma yiziphi izindawo ezingasetshenziswa zokusebenza kufanele zithengiswe ngenqubo esobala, ehambisana nomthetho,” kusho uNgqongqoshe uMacpherson.