Uncategorised

KUSHONE OYEDWA KUSHA UMLILO EMSUNDUZI

KUSHONE umuntu oyedwa kwathi imindeni engama-22, yalahlekelwa amakhaya kulandela umlilo obuse-Coal Yard eMsunduzi. ISITHOMBE: FACEBOOK

LINDELWA MAGWAZA

KUSHONE oyedwa kwathi imindeni engama-20 yadala dengwane, ngemuva kokuqubuka komlilo eCoal Yard (Emalahleni), kuWadi-32, eMsunduzi.Lo mlilo uqale ngezithuba zasekuseni izolo, kwathinteka abantu ababalelwa kuma-66. Omunye wabantu olimele uphuthunyiswe esibhedlela ukuze athole ukwelashwa, kodwa ngemuva kwesikhathi washona ngenxa yokulimala.

UMasipala waseMsunduzi udlulise amazwi enduduzo emndenini nakubathandekayo bezisulu.”Sithi dudu kwabalahlekelwe yilunga lo mndeni walo, izisulu ezilimele nabathintekile. Siyasebenzisana nazo zonke izinhlaka ukuze ukuqinisekisa ukuthi imindeni ethintekile ithola usizo oludingekayo ngesikhathi kusaqhubeka ukuhlolwa komonakalo,” kusho uMasipala waseMsunduzi.

Amathimba ezinhlekelele, nezinye izinhlaka basaqhubeka nokuhlola umonakalo nokubheka izidingo zabathintekile, okubalwa indawo yokuhlala yesikhashana, izingubo, ukwelulekwa ngokwengqondo nezinsiza zokufunda kubafundi abathintekile. UMasipala uphinde wanxusa izakhamuzi ukuthi ziqaphele ukusebenzisa amakhandlela, izitofu zikaphalafini nezimbawula kulesi sikhathi sasebusika, zibike ngokushesha noma yisiphi isigameko somlilo ukuze kusindiswe izimpilo nempahla.