U-DKT SIFUNDA UPHONSELE IZIFUNDISWA INSELELO YOKUGWEVA NAMAFAGUGU

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
INHLOKO yoMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natali uDkt Thobile Sifunda, uthe ingcapha iyokhonjwa kwizifundiswa uma zihlulekile ukuvikela ifagugu.
UDkt Sifunda ubekhuluma nabafundi nezifundiswa ngesikhathi kugujwa usuku lwezilimi zomdabu, obubanjelwe enyuvesi yaseThekwini iDurban University of Technology ngoLwesihlanu namuhla.
“Sekulele kunina bafundi nezifundiswa ukuthi nigweve futhi nivikele ifagugu lesizwe. Lokho kuyosiza ukuthi umnotho owakhiwa ngawo uhlomulise abomdabu waleli lizwe,” kusho uDkt Sifunda.
Uthe lolu suku
lugujwa minyaka yonke, kusukela ngonyaka wezi-2000 lwahlonzwa yinhlangano i-UNESCO engaphansi kwenhlangano yezizwe.
“Ngalolu suku
kukhunjulwe isigigaba sokushaywa icole, okwehlela abafundi. Abafundi babebhikishela ukuthi bafuna ukufunda ngolimi lwebele, eBangladeshi eminyakeni eminingi edlule,” esho.
Oyinhloko yebhodi yezilimi zomdabu wase-Afrika uMnuz Jabulani Simelane, uthe igcagcele esokeni njengoba uhulumeni esephasise umthetho wezemfundo eyisisekelo othinta izilimi okuthiwa yi BELA.
Unxuse abantu ukuthi bayeke ukubukela
phansi izilimi zomdabu, athe kugqama kakhulu kweminye iminyango kahulumeni.
