Uncategorised

KUXWAYISWA ABAHLASELA AMAPHOYISA

UHULUMENI uthe uzimisele ukuvikela amaphoyisa nezinhlaka zokuphepha. ISITHOMBE: SAPS

NOMCEBO NGEMA

BAZOYIKHOTHA imbenge yomile abahlasela amaphoyisa nezinhlaka zokuphepha kuleli, kulandela izigameko eziningi lapho abantu behlasela amaphoyisa. Lesi sexwayiso sikhishwe iGovernment Communications And Information System (GCIS), ethe bazobhekana nesandla esiqinile somthetho, labo abahlasela amaphoyisa.

Uhulumeni uthe ngeke akubekezelele ukuhlaselwa noma ukuphazanyiswa kwamaphoyisa nezinye izinhlaka somthetho, uma zenza umsebenzi wazo. “Bonke abatholakala benza lezi zenzo bazophenywa, baboshwe futhi bashushiswe ngokugcwele. Sizibophezele ukuvikela amalungu ezomthetho ukuze akwazi ukwenza umsebenzi wawo ngaphandle kokwesatshiswa. INingizimu Afrika izoqhubeka nokuvikela umthetho nokugcina ukuthula emphakathini,” kusho isitatimende sakwa-GCIS.