Uncategorised

UL’VOVO UTHI USEZELWE KABUSHA

UMCULI owazakhela igama endimeni yomculo uL’vovo Derrango. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

AKHONA DLAMINI

NGEMUVA kokuhlaselwa isifo sohlangothi (stroke), nokuchitha isikhathi egunjini labagula kakhulu (ICU), umculi wakuleli uL’vovo Derrango ogama lakhe langempela uThokozani Ndlovu, uthi ukusinda kwakhe kuyisimangaliso esivela kuNkulunkulu.

UL’vovo uveze ukuthi ngesikhathi esagula wayezwa ubuhlungu, nakuba ayebona ukuthi abantu babekhathazekile ngempilo yakhe, kodwa wayengafuni ukulokhu edatshukelwa, kodwa efuna ukululama ngokuphelele.“Ngangingafuni abantu bangibone ngesikhathi ngisesimweni esibucayi. Bengifuna bangibone sengiluleme ngokuphelele, ukusinda kwami ekuguleni kungenze ngabheka impilo ngeso elisha.

Ngilulame sekuvalwe amehlo, ngakho ke ngibona le mpilo engiyiphilayo ingelinye ithuba engiliphiwe uNkulunkulu. Kumanje, ngiphila ngendlela ehlukile, ngidla ukudla okunempilo, ngiyaphumula, ngiyayinakekela impilo yami umzuzu nomzuzu ngiyawubonga,” kusho uL’vovo.Uqhube wathi ufisa ukuthi uhambo lwakhe lukhuthaze abantu abasinde ekushayweni uhlangothi, imindeni ebhekene nobunzima, kanye nabo bonke asebeke bazizwa befuna ukuphonsa ithawula empilweni.