Uncategorised

INDLUNKULU IYAVEVA NGOLWENGOMA KASMINOFU

USMINOFU ozidonsele amanzi ngomsele ngokuqopha ingoma esihloko sithi eMachobeni. ISITHOMBE: FACEBOOK

SIYALOPHIKELA MANGETHE

UZIDONSELE amanzi ngomsele umculi kaMaskandi uMphile “SMINOFU” Gumede, ngemuva kokukhipha ingoma esihloko sithi eMashobeni, ekhuluma ngesigameko seSilo uMisizulu KaZwelithini noNdlunkulu Nomzamo uKaMyeni. USminofu odabuka kwaHlabisa eMpembeni isigodi, ukhiphe le ngoma ngemuva, kokuputshuka kwevideo ezinkundleni zokuxhumana, lapho kubonakala iSilo uMisuzulu kaZwelithini sihilizisana noNdlunkulu uNomzamo Myeni Zulu.

Le ngoma kaSminofu inezinhlamvu eziningi ezikhuluma ngesigameko esabonakala kulo mbukiso.Okhulumela iSilo ophinde abe yibamba bukhosi bakwaButhelezi uMpiyakhe Buthelezi, ukuqinisekisile ukuthi ingoma isifikile kubona njengendlunkulu, futhi bazothatha izinyathelo, bafuna nokuzwa inhloso yokukhishwa kwayo. “Ingoma isifikile eNdlunkulu udaba lwayo lusezithebeni. Kungekudala sizomcela uSminofu ukuthi ezosichazela ngale ngoma. Isenzo sakhe sikhomba ukungahloniphi iNdlulamithi. Umlilo waseNdlunkulu awothiwa ngesifuba,” kusho uButhelezi.Le ngoma kaSminofu iyatholakala ezitolo zomculo, ingezinye zezingoma ezihamba phambili kuleli sonto njengoba ingeyesine ekudayiseni kahle.