KUNIKELELWE IZIKOLE NGEZICATHULO KUHLONISHWA U-DKT MAHLABA

UNKK Mbali Frazer ekhuluma nabafundi baseNewcastle.

ABAFUNDI bethamele inkulumo kaNkk Mbali Frazer.
NOMCEBO NGEMA
ILUNGA lesiShayamthetho KwaZulu-Natal eliphinde libe ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC esifundazweni uNkk Mbali Frazer, unikele ngezicathulo kubafundi basezikoleni ezimbili eNewcastle, ngenhloso yokuhlonipha uDkt Ntuthuko Mahlaba ongasekho emhlabeni.
UFrazer uvakashele iSesiyabonga High School, ne-Izazi High School lapho edlulise khona lo mnikelo. Uthe inhloso yalokhu ukuqhubeka nesifiso sikaDkt uMahlaba, sokuthi abafundi bathole imfundo esezingeni eliphezulu futhi bafunde ngaphansi kwezimo ezigculisayo.
“Kungiphule umoya ukufika ngibone isikole siswele amagumbi okufundela, ngizohlela umhlangano ophuthumayo noNgqongqoshe wezeMfundo, uSihlalo weKomidi lezeMfundo esiShayamthetho noNgqongqoshe wezeziMali, ukuze kubhekwe izindlela zokwakha amagumbi,” kusho uFrazer.Unxuse abafundi ukuthi nakulonyaka bakhuphule imiphumela kamatikuletsheni. Uthe bazozama ukuqhubeka nomsebenzi kaDkt uMahlaba wokulwela intuthuko yabantu abamnyama, nentsha.
