Uncategorised

LIGADLE KWEZWELA KWABANINGI IZEMBE KWI-MKP

UMNUZ Jacob Zuma nendodana yakhe uDuduzani Zuma, ayiqoke njengePhini lakhe lokuqala. IZITHOMBE: KZNMKP

NOMCEBO NGEMA

LIGAWULE laphindelela izembe kwiqembu lezepolitiki Umkhonto Wesizwe Party (MKP), ngesikhathi uMengameli walo uMnuz Jacob Zuma enza izinguquko, ezinkulu izolo. Okushaqise abaningi ukukhishwa esikhundleni kukaDkt John Hlophe obeyiPhini lokuqala likaMengameli we-MK, kwafakwa uDuduzani Zuma, kodwa uDkt uHlophe uzoqhubeka nokuba sephalamende.

Omunye okhishiwe uMnuz Nathi Nhleko obenguSihlalo waleli qembu kuzwelonke, noNomsa Dlamini ukhishiwe esikhundleni sokuba iPhini likaNobhala (Deputy Secretary-General).

Naba abanye abaqokiwe:

• UMfundisi uPhakathi usenguSihlalo kazwelonke.

• UMnuz Willies Mchunu usenguPresidency Collective aphinde abe uMholi waleli qembu esifundazweni uKwaZulu-Natal.

• ULindiwe Mtshali useyiPhini likaNobhala.

Ezinye izinguquko ezenziwe uMnuz uZuma:

• UNobhala, noMgcinimafa babuyiselwe wonke amandla abo.

• IStrategic Presidential Team sihlakaziwe