UBEKE ISIKOLE IBIZIMALI KWIBALAZWE UNTULI

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UKUHEHEKA kwabafundi abaqhamuka nakwamanye amadolobha, ngenxa yemiphumela ka-matric eba mihle minyaka yonke, esikoleni iBizimali High School, eNhloshane eNkandla, ikhonjwe ekwenzeni kahle kwalowo owayenguthishanhloko, kulesi sikole.
UMnuz Ntandoyakhe Ntuli olaxaze ubuthishanhloko wajoyina ihhovisi likaNdunankulu waseKZN uMnuz Thami Ntuli, okuyilapho eqhoqhobele isikhundla sokuba uMqondisi kuleli hhovisi.
Ekhuluma emcimbini wokuvaleliswa kwakhe, uthe ubonga ukuphathwa kahle, ukuhlonishwa nokuthenjwa ngabazali ngezingane zabo.
“Bekungelula kodwa umphakathi waseMhloshane ungihloniphile, wangethemba, lokho okuholele ekutheni bangeseke kakhulu.
Ukuhamba kahle phambili komphakathi nabafundi yikona obekwenza ngikhiqhize imiphumela 100℅ njalo,” kusho uMnuz Ntuli.
UNtuli usekhiqize izifundiswa, okubalwa odokotela, amanesi, abameli, othisha, onjiniyela nezinye.Waphinde wacija abafundi abangaholi emphakathini.
