Uncategorised

U-NSFAS UVULE ICALA LOKWEBIWA KWAMALAPTOP

LUSEMAPHOYISENI olwamalaptop ebiwe kwa-NSFAS. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

ISIKHWAMA esixhasa izitshudeni kwimfundo ephakeme, iNational Student’s Financial Aid Scheme (NSFAS), isivule icala lokwebiwa kwamalaptop ayishumi, ayenzelwe ukunika izikole ezidonsa kanzima esifundazweni i-Eastern Cape.

Ngokusho kuka-NSFAS, lawa malaptop ayeyingxenye yomnikelo wamalaptop angama-30 okwakuhloswe ngawo ukusiza izikole zamabanga aphezulu eziyisithupha, lapho isikole ngasinye kwakulindeleke ukuthi sithole amalaptop amahlanu.USolwazi Hlengani Mathebula onguMlawuli kwa-NSFAS, usigxekile lesi senzo wathi siphazamisa imizamo yokuthuthukisa imfundo ezikoleni eziswele.USihlalo weKomidi lePhalamende elibhekele ezemfundo ephakeme, uTebogo Letsie ucele ukuthi kube khona abazophendula ngalolu daba.

“Izinsiza zomphakathi kufanele zifinyelele kubahlomuli okuhloswe ngabo hhayi abanye abantu. Lezi zinsolo sezivuse ukukhathazeka okusha mayelana nokubusa nokuphathwa kuka-NSFAS,” kusho uLetsi.