UMNDENI WAKWAZUNGU UTHI UKUMISWA KOMSHAYELI ANGEKE KUWUSIZE NGALUTHO

UMSHAYELI weloli elashayisa uCelani Zungu omisiwe emsebenzini.

ILOLI lamanzi elashayisa uCelani Zungu washona ujuqu. IZITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UMNDENI wakwaZungu e-Adams Mission, uthe ukumiswa komshayeli weloli lamanzi likaMasipala weTheku elashayisa uCelani oneminyaka engama-38 ubudala washona, akuwenzi umehluko empilweni zabo njengoba ulahlekelwe umuntu okunguyena obewondla ikhaya. Lokhu kulandela isinqumo sikamasipala sokumisa kwalo mshayeli emsebenzini, njengoba kuthiwa samhlukumeza lesigameko futhi kunophenyo lwangaphakathi oluqhubekayo.
UNksz Nombuso Zungu uthe umfowabo ubengumshayeli wetekisi futhi ondla ekhaya. Uthe kukhona ukubambisana phakathi komndeni nomasipala ngamalungiselelo omngcwabo, kodwa akukho muntu ovela kumasipala oseke wabachazela ngokumiswa komshayeli.Amaphoyisa avula icala lokubulala ngokungenhloso futhi uphenyo luyaqhubeka. Okwamanje umshayeli akakaboshwa njengoba kusaqoqwa ubufakazi nezitatimende zofakazi. Umndeni uthe uzobheka ezinye izinyathelo ngemuva komgcwabo.
