Uncategorised

UBAHUBHE USOLA UNKULUNKULU NGENKOSI YAMAGCOKAMA

UBAHUBHE ochaze ubungani obuhle abenabo neNkosi Yamagcokama. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

UBAHUBHE uchaze uS’cebi obedume kakhulu ngeleNkosi Yamagcokama, njengendoda ebingakhulumi kakhulu , obungaze uzitshele ukuthi iyazazisa kanti cha akunjalo.US’busiso Mkhize odume ngelikaBahubhe, ongumculi kamaskandi, usho lokhu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile naleli phephandaba ngesonto, emcimbini wokubungaza usuku lwabantu besifazane, obuhlelwe IHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, eJeffrey Zungu Sports Ground eXobho.

UBahubhe uthe kubuhlungu kakhulu ukuhamba emhlabeni komuntu odingeka njengoS’cebi. “Kuyaye kuthiwe uNkulunkulu akasolwa kodwa mina nginakho ukumsola, useyongixolela ngalokho. Ngiyazibuza ukuthi sesimone ngani kangaka aze asithathele umfowethu. Emhlabeni kunabantu esibadingayo abafana noS’cebi. Ngisebenze kakhulu naye futhi ngiyamazi ukuthi ubeyindoda ephilayo lokhu kwangempela. US’cebi ubengeyena umuntu obekhuluma kakhulu. Ngingakamazeli eduze ngangithi uyazazisa, ngoba ngangihlale ngimbona ezithulele. Ngathi uma sengisondela eduze kwakhe ngambona ukuthi ulungile futhi uyaphila nabantu,” kusho uBahubhe.

Uqhube wathi bebezwana kakhulu ngokwemimoya, banengoma abayenza bobabili kwi-albhamu kaBahubhe yangonyaka ka-2024, kanjalo nakwi-albhamu kaS’cebi ikhona ingoma abayenza bobabili futhi bebesazoqhubeka besebenzisane kakhulu. “Ngiphinde ngasebenza naye ngesikhathi enze umcimbi wokuphefoma bukhoma eThe Playhouse, eThekwini obizwa nge- One Man Show, besisaya kude nale nsizwa kodwa uNkulunkulu wasiphuca yena. Lento yokusebenzisana ibingijabulisa ngoba nami bengizibona ngimkhulu uma ngisebenza nabantu baphesheya koThukela, ekubeni ngiyibhenanyawo.

Baningi abafowethu engisebenze nabo endimeni kodwa eyami noS’cebi ibibukeka engathi Iya kude. kakhulu kodwa UNkulunkulu wakhetha ukungiphuca le ndoda kanti bengiyidinga kakhulu,” kuqhuba uBahubhe.Uthe ukuzwana kwakhe noS’cebi kumenze wafunda izinto eziningi kuyena, okubalwa ukuphilisana kahle nabantu, izinkulumo ezakhayo, ukuhlale umamatheka unomoya owodwa nokunye okuningi.