UMZUKULU UHLEHLISE UMCIMBI UKUHLONIPHA USCEBI

UMZUKULU ohlehlise indumezulu yomcimbi wakhe, ngenhloso yokuhlonipha umngani wakhe ongasekho, Inkosi Yamagcokama.

ISITATIMENDE sokuhlehliswa komcimbi esifakwe uMzukulu kufacebook. IZITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
UHLEHLISE umcimbi wakhe omkhulu obizwa ngoMzukulu Album Tour, obuzokuba ngale mpelasonto, uSfanele Zulu owaziwa kakhulu ngelikaMzukulu emculweni kamaskandi, ngenhloso yokuhlonipha nokuzila njengoba kudlule emhlabeni uzakwabo iNkosi Yamagcokama (S’cebi Dlamini) engozini yemoto ngoMgqibelo.
Umcimbi kaMzukulu ubuzoqala ngoLwesihlanu mhla ziyi-14 kuze kube umhla ziyi-15 kuNcwaba. UMzukulu ubhale kanje ekhasini lakhe kufacebook: “Sizwe sakwethu kube ngaphezu kwamandla ningadikibali nina bendlovu enamandla, akukhona ukuthi siyibukela phansi imizamo yenu nothando enihlezi nisikhombisa lona, kodwa sihlulekile ukuqhubeka sizekini egameni lokuzonijabulisa imimoya yethu isalimele,” kusho umbhalo kaMzukulu.
UScebi ubengumngani omkhulu kaMzukulu, aphinde abe uzakwabo emculweni. UMzukulu udlulise amazwi okuxolisa kubalandeli bakhe abebesewathengile amathikithi, bahlela uhambo baphinde babhukha nasezindaweni zokulala.
“Ubudlelwano bami noScebi bebungaphezu kobomsebenzi, ngoba amalunga ethu ebethathana njengomndeni. Ukubamba imicimbi yokujabula ngesikhathi kungcwatshwa umuntu ebesisondelene naye akuhambisani namasiko nezimiso zethu,” kuqhuba uMzukulu kwisitatimende.Uqhube wathi izinsuku ezintsha zalomcimbi zizomenyezelwa maduze, uma sekuphothulwe amalungiselelo.
