Uncategorised

KUBONGWA AMAVIYO NGOKUZOKWETHULA I-ALBHAMU YALO ESIKOLENI

UMNUZ Mthobisi Mabaso onguthisha eKhamangwa Secondary School ebonga Amaviyo.

IQEMBU Amaviyo lijabulisa abafundi baseKhamangwa Secondary School ngomculo. IZITHOMBE: AYANDA PHOSWA

NOMCEBO NGEMA

UBONGE iqembu lomculo wombholoho Amaviyo, ngokwenza indumezulu yomcimbi wokwethula i-albhamu yawo entsha esihloko sithi ‘Zulu Omnyama’ ngoLwesihlanu, uMnuz Mthobisi Mabaso oyiDepartmental Head esikoleni iKhamangwa Secondary School, eMaphephetheni eNanda.

UMnuz Mabaso uthe beyisikole bajabule kakhulu ukuba nomcimbi omuhle kangaka waMaviyo & Friends Tour.

“Siyabonga ukuthi asibancinyana uma umculi wasendaweni uS’bonga Gcwensa, uma ecabanga into acabange isikole afunda kusona kuqala. Kuyaye kuthiwe ingane enhle esebenzela ekhaya, uS’bonga ungomunye wabasebenze kahle kakhulu sambona komabonakude, isemaphephandabeni, saphinde samuzwa nasemisakazweni. Lokho kubajabulisa kakhulu abafundi bethu, ukubona umuntu abahlala naye endaweni ebonakala komabonakude, nakumaphephandabeni. US’bonga uyisibonelo esihle emphakathini nakubafundi bethu, ngoba esikhathini samanje ezikoleni awasaqhakanjiswa amakhono,” kusho uthisha uMnuz uMabaso.

Uqhube wathi ngalokhu akwenzile kuningi okuzoshintsha intsha emphakathini nabafundi bakulesi sikole.

“Ngeke sikufihle ukuthi namalunga eqembu laMaviyo awumkhiqizo wakulesi sikole, kuningi engabe bakwenzile kodwa bakhetha ukuhlangana ngento enhle yomculo. Lokhu abekwenzayo kuhle kakhulu futhi siyabafisela ukuthi baqhubekele phambili. UNkulunkulu ababusise kuthi lapho behamba khona bajatshulelwe futhi kukhule umsebenzi wabo uye phambili,” kuphetha uMnuz Mabaso.

Lo mcimbi ubuxhaswe Iziko Art Company, Umusa Media, iThuthuka Thuthuka, iBonani Streaming nabanye.