
UKHUZANI UZOFAKA IMALI AZOYIHOLA KWIMPUCUZEKO EKWAKHENI UMUZI WENKOSI YAMAGCOKAMA
UMUZI KASCEBI ‘Inkosi Yamagcokama’ Dlamini awushiye esawakha .

IMINININGWANE yebhange lomndeni efakwe nguKhuzani Mpungose ezinkundleni zokuxhumana . IZITHOMBE: FACEBOOK
OWAMI THABETHE
UKUSHONA kukaScebi ‘Inkosi Yamagcokama’ Dlamini engozini yemoto, engawuqedile umuzi wabo nengoduso yakhe uNksz Mbali Mthembu, kuthinte amaciko amaningi nabalandeli, njengoba besemkhankasweni wokuwuqedela.
Bathe lokhu kuyindlela yokukhombisa uthando nokweseka umndeni kaScebi, oshiye emhlabeni izingane zisencane nomkakhe, kanti sebeqalile ukufaka futhi sekukhona umnyakazo owenzekayo. UKhuzani Mpungose ungomunye ophumele obala, ukuthi uzofaka wonke umholo wakhe, azowuhola emcimbini iMpuncuzeko Festival, ukuze kuqedelwe ukwakhiwa komuzi kazakwabo.
“Uma beyimthanda Inkosi Yamagcokama, yisona sikhathi sokuthi sikhombise lelo thando,” kubeka uKhuzani. Ushiye imininingwane yasebhange nengoduso kaScebi, ukuthi abafisa ukwelula isandla bafake kuyo. Kuzokhumbuleka ukuthi amaciko aqale afaka efakela ukulekelela ukungcwatshwa kukaScebi neGupta, ukwelekelela Amathole Funeral, ukungcwaba njengoba enze umngcwabo osezingeni eliphakeme kakhulu, elidle imali engaphezulu kwemiliyoni.
