
KUSOLWA UMZIMB’OKHALIMALI NGOKUBA UXOVIZWE NGOLUKA-SCEBI

UVEZOKUHLE Nala ongumphathi waMathole Funerals, ocacise ukuthi ababe kwenza bekuwukunikela umndeni wakwaDlamini nowakwaMchunu.
ISITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
ISOLWA ngokuba uxovizwe nokuba yiphekulazikhuni kwinyanga yodumo u-Andile Dlamini, owaziwa ngoMzimb’Okhalimali, kulandela izinkulumo ezinkundleni zokuxhumana, ebezithi imali eyanikelwa ngabaculi yayinikelwani uVezokuhle Nala ongumnikazi waMathole Funeral, kwathiwa benoKhuzani Mpungose abahambise le nkece yesoso kubokaScebi ‘Inkosi Yamagcokama’ Dlamini.
Lezi zinkulumo zivele sengathi zivela emndenini kaScebi, okuthe uma umndeni uziqhelelanisa, ubonga okwenziwe uNala namaciko, kwacaca bha ukuthi kulolu daba kukhona isandla semfene, esigovuza inhlese yobuphixiphixi, nokubukeka sinameka uKhuzani Mpungose ngodaka.
Lo umsindo uze waholela ekutheni abalandeli bakaKhuzani bathi akayeke ukulekelela ukwakhiwa komuzi kaScebi, ngoba be bona ukuthi kuleli qhawe seliphenduke uMlungisi ozithela isisila.
Kodwa ukuputshuka kwenkulumo eqoshiwe yenyanga yodumo, uMzimb’Okhalimali noThulani Hlatshwayo, yikona okwenza iningi libone, ukuthi sonke lesi sikhathi umuntu obevubela lo msindo, uMzimb’Okhalimali.
Kule inkulumo eqoshiwe uDlamini uzwakala egxeka isenzo sokunikwa kukaNala imali eyayivela kubaculi, ethi kwakumele isiwe emndenini wakwaDlamini.
Ngemuva kwenkulumo eqoshiwe ebeyenziwe uDlamini, kutholakale ukuthi uyilunga elithanda ukuqhela kakhulu emndenini kaScebi, nakuba ayebobakala eshabasheka emngcwabeni weNkosi Yamagcokama.
Kuphinde kwavela nokuthi nakhona ebunyangeni usolwa ngokuba yilo ixoki.
UVezokuhle
UNala umnikazi waMathole Funeral, ngesikhathi ekhuluma emsakazweni Izwi LoMzansi, uthe isizathu sokuthi asingathe mingcwabo okubalwa okaSipho Gupta Mchunu nokaScebi ‘Inkosi Yamagcokama’ Dlamini, yingoba kwakwiyona ndlela eyezama ukuzipholisa ngayo ngokudlula kweNkosi Yamagcokama emhlabeni ngokubambisana namaciko.
“Uma kungathiwa ngiyakhokhelwa nje ngale mingcwabo, imali ingafika engaphezulu kuka-R1.7m. Yonke into yayimba eqolo kusukela emathendeni, izimoto zakwanokusho, izindawo ezazibhukhiwe ukuze kulale abasebenzi, isiteji nokudla akwakuzodliwa. Zonke lezi zinkulumo ziqubuka ngenxa yokungazi kwabantu,” kusho uNala.
