Uncategorised

ABESIFAZANE ETHEKWINI BABUNGAZE OLWABESIFAZANE NGESITAYELA

Dkt Devi Rajab noNkk Celiwe Madlopha. Isihombe: DDP

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI


I-DEMOCRACY Development Program (DDP) ngokubambisana nesiShaya Mthetho KwaZulu Natal, ihlanganise abasifazane bezinhlaka ezehlukene, ukubungaza nokubhunga ngenqubekela phambili yezinhlelo zabesifazane. Lo mhlangano oba minyaka yonke, waziwe nge-International Women’s Day, ubudeThekwini kwelinye lamahhotela agudle ulwandle.
Lolu suku olubungazwa minyaka yonke kuhloswe ngalo ukukhumbuza ngamalungelo abasifazane nezingane. USihlalo weNguyazana yabesifazane eSishaya Mthetho (Women’s Caucus) uNkk Celiwe Madlopha, ugqgugquzele ukubambisana phakathi kwezinhlangano ezihlukene ukuze kuqiniswe okubizwa ngeMulti -Party Women’s Caucus, lapho kungabhekwa khona ukuthi uvela kuliphi iqembu lezepolitiki.

UMadlopha ube esephosela abesilisa inselelo yokuthi babambe iqhaza ekuqinisekiseni ukuthi amalungelo ezingane nabesifazane ayaqinisekiswa. Ugcizelele ekutheni ukubambisana phakathi kwabantu besilisa nabesifazane kuwukhiye wokwakha umphakathi onobulungiswa, lapho wonke umuntu ethola ithuba lokuphumelela.

USihlalo we Democracy Development Program (DDP), uDkt. Devi Rajab uthe iNingizimu Afrika inomdlandla omkhulu ekulwisaneni nokungalingani ngokobulili. “Sisethubeni elihle kakhulu ukulwisana nesihlava sokungalingani. Kuningi okwenziwelwe abesifazane, kodwa usamkhulu kakhulu umsebenzi osihlalele wokuthuthukisa abesifazane kuyo yonke imikhakha,”esho.
Ube esehlaba abesifazane abalibele ukuhlangana baxoxe into eyodwa kodwa bengenzi lutho ngabakuxoxile.