
KUKHALWA NGESIHLUKU KUBULAWA UMDLULI
AKHONA DLAMINI
IQEMBU Inkatha Freedom Party (IFP) seligxeke, isenzo sokubulawa ngesihluku kukaCllr uKhethelo Mdluli (40), obengumeluleki we-IFP PR kuWadi 17, ngaphansi kukaMasipala uMlalazi.
UMdluli udutshulwe phambi kwezingane zakhe, esemzini wakhe oPhindweni, eGingindlovu, ngoLwesine olwedlule. Ushone ngoMsombuluko esibhedlela eNgwelezane, ngenxa yokulimala kanzima.
“Ukubulawa kukaMdluli kuyisigameko esishaqisayo esibeka engcupheni intando yeningi, ikakhulukazi njengoba ebezongenela ukhetho ohulumeni basekhaya olusemome,” ngokusho kwesitatimendi se-IFP.
USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, unxuse umphakathi uthe bakhathazekile ngokubulawa kukaMdluli.
” Siyiqembu LE-IFP sikhathazeke kakhulu ngalokhu kubulawa ngesihluku kukaMnuz Khethelo Mdluli. Sicela ukuthi amaphoyisa sphenye lolu daba, nomphakathi nolwazi ngalokhu ubikele amaphoyisa, ukuze abenzi bobubi baboshwe,” kubeka uNtuli.
Unxuse umphakathi ukuthi ungazibambeli umthetho ngezandla kodwa usebenzise namaphoyisa.
