Usikompilo

UBHEKWE NGABOMVU OWE-DURBAN FASHION FAIR

OWAMI THABETHE

USUSEMOME umcimbi wengqephu, iDurban Fashion Fair 2026 (DFF), ogubha iminyaka ewu-15 wasungulwa, ozokuba eDurban Exhibition Centre, kusukela mhlaka 16-18 kuMandulo 2026.

UNondumiso Mthembu ongomunye wabahleli beDFF, uthe bangaphezu kuka-80 abasiki bengqephu abazokhangisa ngemisiko yabo kwi-DFF, ngaphansi kwesiqubulo esithi ‘Where Legacy Lives’, ngesikhathi kwiComnunity Media Forum, eMoses Mabhida Stadium ngoLwesihlanu.
Uthe akuwona umbukiso wemfashini nje kuphela , kodwa wumgubho wamasiko, ubuciko kanye nefa ledolobha iTheku.

“Kuzoshiyana umshefezo, imfashini izoba sezingeni lomhlaba. Kuzohlangana abasiki bengqephu abasafufusa nezihlabani ezingomakadebona kwimfashini,” kuchaza uNondumiso.

Aseqalile ukudayiswa kwamathikithi alomcimbi ku Webtickets ngamanani ahlukene.
•Ithikithi lika R120 elombukiso owodwa.
•ithikithi lika R250 ipasi losuku lonke.

  • Ithikithi lika R500 ipasi lezinsuku ezintathu.