
UMASIPALA WETHEKU UVULE ISIKHUNGO EMPUMALANGA

ABANTU abebethamele lo mcimbi. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE
AKHONA DLAMINI
UMASIPALA weTheku wethule ngokusemthethweni iLucky Mngwengwe Traders Precinct eBoxer Node, kuMeyiwa Main Road, eMpumalanga eHammarsdale, ngoLwesihlanu.
Le ndawo iqanjwe ngekhansela elingasekho emhlabeni, uLucky Nhlanhla Mngwengwe, elalisebenza emkhandlwini iminyaka eminingi, nelaba negalelo ekuthuthukisweni kwendawo iHammarsdale.
USihlalo we-Economic Development, uThembo Ntuli, uthe le phrojekthi ebiza izigidi zamarandi, kuhloswe ngayo ukuthuthukisa nokweseka osomabhizinisi abasemkhakheni wezohwebo.
“Le ndawo inezindawo zokuhweba ezifinyelela kwezingama-75, okuhlanganisa amakhonteyina angama-23 namatafula okuhweba angama-52. Abahwebi bazophinde bathole izindawo zokugcina impahla, izindlu zangasese, izinsiza zokuhlanza nonogada abasebenza ubusuku nemini,” kubeka uNtuli.
Uqhube wathi le ntuthuko iyingxenye yohlelo abalubeke eqhulwini lokweseka amabhizinisi amancane. Ngenyanga kaMfumfu kuzoba ne-Informal Economy Summit, yezinsuku ezimbili ezohlanganisa abahwebi, uhulumeni kanye nabalingani.
