Izindaba

LUZOQALA NGOZIBANDLELA OLWE-GO! DURBAN

AKHONA DLAMINI

IMEYA yakuMasipala weTheku iqinisekise ukuthi, uMasipala usukulungele ukuqala kokusebenza kohlelo lwezokuthutha umphakathi i-GO!Durban, oluzoqala ukusebenza ngoZibandlela.

UXaba ukusho lokhu, ngesikhathi ebize isithangami sabezindaba, ebesiseChief Albert Luthuli Convention Centre, eThekwini, ngeSonto.

“Isigaba sokuqala sizogxila ku-C3 Corridor, esixhumanisa iBridge City nePinetown. Idolobha lihlela ukuthenga amabhasi angama-22 azosebenza kulo mzila. Kutshalwe imali elinganiselwa ku-R9.7 billion kulolu hlelo, okuhlanganisa ingqalasizinda, iziteshi, izindawo zokupaka amabhasi nezinhlelo zokusebenza. Lolu hlelo seludale amathuba emisebenzi ayi-22 967,” kubeka uXaba.

UXaba uqhube wathi ezinye izinsiza ze-GO!Durban, okuhlanganisa u-C1, C2, C9 ne-Inner-City Distribution Service, kulindeleke ukuthi ziqale ukwethulwa kusukela kwikota yokuqala ka-2027.