Izindaba

UDADEWABO WESILO UGXEKE ONDLUNKULU NGOKUBHIMBISA ISIKO LIKAZULU

UMNTWANA uBukhosibemvelo kaZwelithini ozalwa esgodlweni KwaKhangelamankengane.
ISITHOMBE: INDLUNKULU KAZULU

OWAMI THABETHE

UBUKHOSIBEMVELO kaZwelithini ugxeka ukusina kondlunkulu abaganile nezintombi kuMkhosi woMhlanga, obusesigodlweni seSilo uMisizulu KaZwelithini eMachobeni, eNgwavuma, ngoMgqibelo.

Lokhu kuvele ngokusabalala kwenkulumo eqoshiwe yezwi likaMntwana uBukhosibemvelo kaZwelithini, ezinkundleni zokuxhumana, eyiqondise komunye waBantwana basendlunkulu, lapho ezwakala engeneme ngobekwenziwa kuMkhosi woMhlanga eMachobeni ngempelasonto mhlaka 5 kuMandulo 2026.

UMntwana uBukhosibemvelo ungomunye wodadewabo beSilo uMisuzulu kaZwelithini, azalwa naye kwiNdlovukazi Manftombi Dlamini neSilo esabuzayo uZwelithini kaBhekuzulu. “ONdlunkulu abaganile abasina nezintombi eMhlangeni, siyakweshwama.
Kancane kancane luyalahleka isiko likaZulu, omama abaganile abakwazi ukusina namatshitshi ngoba lomkhosi ungowamatshitshi kuphela,” kusho izinyane uMntwana uBukhosibemvelo.

Ugxeke oNdlunkulu bakwabo abafaka izinkehli emakhanda ezingabafanele ngokwezigaba zabo.
” Ondlunkulu bakwethu abawuyeke lomkhuba wokugcaluza besina phambi kwamatshitshi, ngesikhathi esingafanele.
Uma izinto zingashintshi, ngizozifikela mina mathupha futhi ngeke kube mnandi,” kubeka uMntwana uBukhosibemvelo.