Uncategorised

UMCHUNU UCACISA NGODABA LWEPHALA PHALA NOKWENZA LUBE YIMFIHLO


UMBIKO: ZETHU PHOSWA

UKUHLONZWA kombiko wophenyo lwe Independent Police Investigative Directorate (IPID) oluphathelene nokuziphatha kwamaphoyisa odabeni lwePhala Phala njengoluyimfihlo, luvuse abaningi indlobane, baze bakhomba ingcapha kulowo onguNgqongqoshwe wamaPhoyisa kuZwelonke uMnuz Senzo Mchunu.

UNgqongqoshe uMchunu ephefumula ngalolu daba kwinhlangano yezindaba i-eNCA, lapho akucacisa ngokusobala ukuthi lombiko uzovezwa emphakathini, kodwa okwamanje kusanophenyo okwenziwa uphiko lwamaHawks.
“Uphenyo lwenziwe zinhlaka ezintathu okubalwa Public Protector, yi-IPID namaHawks. U-Public Protector usaluqeda umphenyo yawethula umbiko. I-IPID yona iluqede uphenyo ngo-Okthoba ngonyaka ka-2023, ngingakangeni kulesi sihlalo, njengoba ngingene ngonyaka iwedlule ngoJulayi,’ esho.
Uthi into eyenze olwasePhala Phala luvaleleke ukuthi amaHawks awakaqedi ukuphenya, ngeke akwazi ukuphazamisa nokugxambukela kusaphenywa.
Okubuye kwavela ngalolu daba ukuthi i-IPID ibingaphenyi uMengameli ngodaba lwasePhala Phala kodwa kuphenywa amaphoyisa athintekayo kulolu daba.
Ngokombiko wehhovisi lika-Public Protector, uMongameli uCyril Ramaphosa akatholakalanga anephutha.

UNgqongqoshe uthe uma ama-Hawks eseluphothulile uphenyo yonke imibiko izokuba isinekezelwa umphakathi ngoba akukho okufihliwe.