Usikompilo

KUGQAME UBUMBANO NAMAZWE ANGAPHANDLE KOWO-MHLANGA

AMATSHITSHI abeyingxenye yoMkhosi woMhlanga.

ISILO uMisuzulu kaZwelithini ethula inkulumo yakhe.
ISITHOMBE: KZNDSAC

AKHONA DLAMINI

KUGQAME ubumbano eMkhosini woMhlanga walo nyaka, njengoba bekuhlangane izinhlanga ezahlukene, ebeziliqhamukisa ezweni lonke, nakumazwe angomakhelwane ase-Afrika, ziqhakambisa amasiko azo nokuzigqaja esigodlweni seSilo uMisizulu KaZwelithini eMashobeni mhla ziyi-12 no-13 kuMandulo.

Lolu bumbano lugqame kakhulu, njengoba isimo sike saba manzonzo, ngenxa yokuxoshwa kwabokufika abalulekile ngokungekho emthethweni, obekwenzeka iNingizimu Afrika yonke.

ISilo uMisuzulu kaZwelithini, sithe ukuba khona kwalaba bantu kugqamisa ukuthi uMkhosi woMhlanga akuwona nje umcimbi ogxile esizweni esisodwa, kodwa uyinkundla lapho kubungazwa khona amatshitshi asezizweni ezahlukene.

“Ngithanda ukwamukela zonke izihambeli zethu ngokwehlukana kwazo ngezandla ezifudumele, ngibala neNkosi yase-Tanzania. Ngifisa ukubazisa ukuthi siyazihlonipha izihambeli lapha kwaZulu, ngoba sifuna zifike emuva zingawuvali umlomo, zincoma ubuhle nokugcinwa kwamasiko akwaZulu,” kubeka iSilo.

Izinga lenyuke kakhulu kulo mkhosi, njengoba kungowesibili wenzelwa esigodlweni seSilo uMisizulu KaZwelithini eMashobeni, Kuzokhumbuleka ukuthi phambili ubuwenzelwa esigodlweni seSilo esabuzayo uZwelithini kaBhekuzulu, eNyokeni, iminyaka eyi-40.

Lo mcimbi obuhlelwe Indlunkulu ngokubambisana noMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, ubuhanjelwe amatshitshi engaphezulu kuka-52 000.

izinga lokuhleleka kwalo mkhosi ohlelwa uMnyango Wezemidlalo, Ezamaciko Namasiko KwaZulu-Natal oholwa uNgqo Mntomuhle Khawula, njengoba ubuhlanganise amatshitshi angaphezulu kwezi-40 000.

.

UMtwana uNathi uxwayise abantu ngoLondi Ngcamu oqola abantu izimali esebenzisa ubukhosi bakwaZulu. “Ngicela abantu baqaphele le nswelaboya eqola abantu izigidi zezimali izenza owasebukhosini bakwaZulu,” esho.