Izindaba

IMIBUZO KUMBATHA OKAMAWEWE KUSALA UKAMAKHUBO

UNDLUNKULU kaMawewe onguNdlunkulu wesine weSilo uMisuzulu kaZwelithini.

UNDLUNKULU uKaMakhubo onguNdlunkulu wesibili weSilo uMisuzulu kaZwelithini. IZITHOMBE: SPHA MBHELE

OWAMI THABETHE

KUSHIYE imibuzo ezinkundleni zokuxhumana ukuhlonishwa kukaNdlunkulu kaMawewe yiSilo, ngembatha lengwe kwasala ngaphandle uNdlunkulu uKaMakhubo.

INgonyama ikhunge okaMawewe ngesembatho sengwe imfaka esigabeni sokuba umama wesizwe ngokuphelele, ngosuku lwesibili loMkhosi woMhlanga eMashobeni, ngesikhathi sicimelisa amatshitshi aseyongena emshadweni.

Nokho lokhu kuvuse imibuzo yokuthi kungani uNdlunkulu uKaMakhubo esale ngaphandle, ngoba basesigabeni esisodwa noKaMawewe ,
bazingoduso.

Abantu bathi bebelindele ukuthi uKaMawewe ambathiswe ngosuku lwakhe lomgcagco njengoNdlunkulu Mdolomba.