Izindaba

UMTHWALO USOBHOKWENI KWABOKUFIKA ABEKADE BEDUVE KU-MOORE ROAD

OWAMI THABETHE

ASEQALILE ukuthutha abantu bokufika amabhasi kusukela ngoMsombululo ziyi-14 kuMandulo, abhekise amabombo eLindela eGoli, lapho labo abaqinisekiswe uMnyango wezaseKhaya ukuthi bakuleli ngokusemthethweni bezolindela khona kusaxazululwa udaba lwabo.

Lokhu kuza ngemuva kokungenelela kukaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli ngoLwesihlanu mhla ziyi-11 kuMandulo, ngesikhathi evakashele lo mnyango ngenhloso yokuyobheka isimo nokuqinisekisa ukuthi laba bantu bayasuswa emgwaqeni bayiswa endaweni ephephile.

Yize noma abanye babo bengafuni ukuhamba, kodwa ngenxa yokusabela ukuphepha kwabo bagcine behambile.
Ongumholi wabokufika u-Bishop Raphael uthe bangaphezu kuka-100, abantu abangafuni ukuhamba kulesi sifundazwe kodwa ngenxa yesimo esinzima abakuso emgwaqeni, bavumile ukuya eLindela.

“Iningi lethu lenqabile ukuya eLindela, ngoba leya ndawo empeleni ecishe ifane nejele. Sigcine sivuma ngoba sifisa ukuqhubeka nempilo yethu ngokuthula nangokuphepha,” kulandisa uRaphael.