
UNTULI UTHE UKUVIKELWA KWABESIFAZANE AKUNAHOLIDI

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli.ISITHOMBE: KZNGOV
OWAMI THABETHE
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, uthe sekuyisikhathi sokuthi impi yokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane (GBV&F), isuke emihlanganweni iye ezenzweni eziphusile.UNtuli ukusho lokhu emhlanganweni weCouncil Against Crime obuseMayville ngoLwesihlanu, zingama-25 kuMandulo.
Uthe kufanele baqhamuke nezindlela ezintsha neziphuthumayo zokunqanda lesi sihlava.”Udlame olubhekiswe kwabesifazane aluthathi iholidi, njengoba luthinta abantu nsuku zonke, izinsuku ezingama-365 ngonyaka,” kusho uNtuli Ukhale ngokuthi akusizi ukuqhubeka nemihlangano njalo ngenyanga, nezinhlaka zezokuphepha uma kungabonakali izinguquko ezibonakalayo emiphakathini.
” Uhlelo iSilwa neChilo, luhlose ukubandakanya umphakathi wonke ekulweni nobugebengu nodlame. Impi yokulwa neGBV idinga ukubambisana phakathi kukahulumeni, izinhlaka zezokuphepha, ezinkolo, ezamabhizinisi nemiphakathi, ukuze kwakhiwe izixazululo ezisebenzayo, hhayi imihlangano namazwi kuphela, ” esho.
