
UHANNIF UTHE UZOQEDA INKINGA YAMANZI ETHEKWINI

UNKK Gana Zwane oyisakhamizi sazeziNkwawini ngesikhathi ethula usizi lwakhe.

OGAQELE esobukhansela Ku Ward 112 uSabelo Zondi ngesikhathi epha omunye wezisulu zomlilo amaphasela okudla.IZITHOMBE: UMUSA MEDIA
OWAMI THABETHE
OGAQELE esobumeya eThekwini weDemocratic Alliance (DA), uCllr Hannif Hoosen uthe inkinga yamanzi izoba seqhulwini uma ephumelela ukuthatha lesi sihlalo sobuMeya. UHoosen ukusho lokhu ngesikhathi evakashele izakhamizi zase Zinkawini, eVerulam Ward 112, mhla zingama-6 kuMfumfu, ehamba nogaqele esobukhansela kule Wadi uSabelo Zondi.
UHoosen uhambele kule ndawo ezobheka abantu asebephile iminyaka ecishe ibe eyi-16 bephila ngamanzi amaloli, ompompi sebamila ukhula.UNkk Gana Zwane ongomunye womphakathi ababhekane nalolu sizini uthe baphila nosizi lamanzi sekuphele iminyaka eyi-16.”Amanzi ahamba ngisakwazi ukuzithwalela ngekhanda. Manje sengigugile, sengikwazi ukuphatha ibhakede elincane nalo elinganganelisi, ngoba ngiwalanda emotweni yamanzi,” kusho uZwane.
UHoosen uthembise izakhamizi ukuqeda inkinga yenqalasizinda nokuhlinzekwa kwamanzi ngokushesha.”Wonke umuntu unelungelo lamanzi ahlanzekile nsuku zonke. Njenge-DA sizokwenza kube seqhulwini ukuhlinzeka abantu bethu ngezidingo zempilo nokulungiswa kwengqalasizinda,”kusho uHoosen.
Laba baholi be-DA baphinde bavakashela abashelwe yizindlu ngumlilo. UZondi uphathele izisulu zomlilo eziyisi-8 amaphasela okudla ngesikhathi ezohlola inhlalo yabo ngemuva kokulahlekelwa yikho konke.
