Izindaba

UBLOSE UTHE UZOBA YISIXAZULULO KUMPHAKATHI WAKU-WARD 2

UCLLR Siphiwe Blose ozomela i-ANC kwesobukhansela kuWard 2 eThekwini, uthi isipiliyoni sokusebenza nomphakathi, yikona azokusebenzisa ukuletha intuthuko ngesivinini SENTULO kuWadi 2. ISITHOMBE: AYANDA PHOSWA

OWAMI THABETHE

OZOMELA i-African National Congress (ANC) kwesobukhansela ku-Ward 2, uCllr Siphiwe Blose, uthi uzibophezele ekusebenzisaneni nomphakathi wangakubo ukuze kubonakale intuthuko , kubuyiswe nesithunzi sezindawo zakwaNyuswa, eMaphephetheni nakwaMkhizwana.

UBlose uzalelwe KwaNyuswa, uveze lokhu engxoxweni ekhethekile no-Umusa News ngoLwesithathu, mhla ziyi-14 kuMfumfu, eThekwini.Uthe nakuba u-Ward 2 umkhulu futhi uhlanganisa imiphakathi engaphansi kwamakhosi ahlukene, lokho ngeke kumvimbe ekusebenzisaneni nabantu ukuze kutholakale izixazululo zezidingo zabo.

“Into engixogxila kuyo ukuthuthukisa intsha, ikakhulukazi leyo ebhekene nezinselelo zezidakamizwa. Sizogxila entsheni engasebenzi njengoba kuntuleka imisebenzi, ngokuyigqugquzela ukuthi isebenzise amakhono ayo,” kusho uCllr Blose.

Uveze ukuthi ulwazi aluthole ngokusebenza nezinhlelo zezobuciko (Arts), lumkhombisile ukuthi baningi abantu abasha abasemakhaya banamakhono adinga ukwesekwa ukuze bezokwazi ukuziphilisa.

“Sengike ngasebenza eduzane nezinhlelo zobuciko, ikakhulukazi nabantu abasha. Liningi ikhono engilibonile entsheni yasemakhaya futhi ngifisa izinhlelo ezikanje zithuthuke kakhulu, ukuze sikhiphe intsha yakithi enkingeni yokuntuleka kwemisebenzi,” kusho uBlose.Uthe ufisa ukubona izinhlelo ezizovula amathuba entsheni, ziyikhuthaze ukuthi ithuthukise amakhono ayo futhi izakhele ikusasa elingcono.UBlose uveze ukuthi umphakathi waKwaNyuswa angeke uphinde ukhale ngamanzi njengoba sekunezinyathelo ezithathiwe zokuthuthukisa ukuhlinzekwa kwamanzi kule ndawo.

Uveze ukuthi iMeya yeTheku, uCllr Cyril Xaba, ivakashele le ndawo ngenhloso yokuvula ngokusemthethweni indawo yokugcina amanzi enkulu (reservoir) ezohlinzeka umphakathi.”Sikhuluma nje, ukuqala ukwakhiwa kwayo sekusemome, izinhlelo zezimali sezikhishiwe. Umphakathi wangakithi angeke uphinde ukhale ngamanzi,” kusho uBlose.Unxuse izakhamizi ukuthi zingavoteli ubuso bomuntu nje kuphela kodwa zivotele ushintsho empilweni yazo.