
UDLAMINI UZIBOPHEZELE EKULWENI NE-GBV

ABESIFAZANE abebehambele lo mhlangano. IZITHOMBE: ABAQULUSI LOCAL MUNICIPALITY
AKHONA DLAMINI
UMPHATHI kuMasipala wakuBaQulusi, uSbonga Dlamini, uthe ngeke ahlehle empini yokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, wanxusa izisulu ukuthi zingathuli uma zibhekene nalolu hlobo lodlame.Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni, obuhlanganise inqwaba yabesifazane ehholo lomphakathi, esigcemeni saKwa-C KwaBhekumthetho eMondlo.
Kulo mhlangano uphinde wagcizelela ukubaluleka kokuthi izisulu zibike izigameko zokuhlukunyezwa ukuze kuthathwe izinyathelo ezifanele.
“Abangangizwa bazogcina bengizwile empini engiyilwayo yokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Ngicela abesifazane abahlukunyezwayo bangathulali kodwa bacele usizo khona sizoliqeda leli chilo,” kusho uDlamini.
Uphinde wanxusa amakhosi aseNdlunkulu ukuthi angenelele ekulweni nalo mkhuba. Wanikeza abesifazane abebethamele umhlangano izipho ezihlanganisa izithombo nembewu yezitshalo ezahlukene, ngenhloso yokubakhuthaza ukuba bazisebenzise ukuzithuthukisa nokuziphilisa.
