
I-APF ITHI ILWELA ABANTU ABAMNYAMA
AKHONA DLAMINI
UMENGAMELI weqembu le-African People’s Forum (APF), uCllr Muzi Hlengwa, uthe iqembu lakhe alikufihli ukuthi limele abantu abamnyama, liphinde lizibophezele ekuqinisekiseni ukuthi bayazuza emathubeni omnotho kanye nasekuthuthukisweni kwezwe.Lokhu ukuveze ngesikhathi enengxoxo ekhethekile emahhovisi o-Umusa Media, mhla zingama-23 kuMfumfu 2026.
“Leli qembu lasungulwa ngonyaka ka-2020, kusukela lapho sazibophezela ukulwela ibala elimnyama. Akekho umuntu onelungelo lokwenza thina abantu abamnyama sizizwe sibancane futhi sizenyeza ngebala lethu. Leli lizwe ngelethu sodwa futhi akekho ongakushintsha lokho,” kubeka uHlengwa.
Uqhube wathi uma enganikwa ithuba angalungisa izinkinga ezibhekene nezakhamizi okubalwa ugesi namanzi.
“I-APF beyinganikwa ithuba ingaguqula okuningi. Uyabazi ubuhlungu bokuthi uthi uyapheka ngokudla kokugcina ugesi uhambe. Uthi usathi uyogeza kuhambe amanzi. Singakushintsha lokho uma singanikwa ithuba,”kuqhuba yena.
