Izindaba

KWETHULWE I-GO! DURBAN

IMENENJA yakuMasipala weTheku uCllr uMusa Mbhele.

UCLLR uMusa Mbhele ngesikhathi esayina isivumelwano

IZIKHULU zikaMasipala weTheku zini eduze kwamabhasi. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE

AKHONA DLAMINI

UMASIPALA weTheku ususayine isivumelwano sokusebenza komzila wezokuthutha i-GO!Durban Corridor 3 (C3), nabamele imboni yamatekisi amancane namabhasi, okuyisinyathelo esibalulekile esibheke ekuqaleni kokusebenza kwalo mzila ngoZibandlela 2026.

Lesi sivumelwano sisayinwe ngoLwesihlanu, zingama-30 kuMfumfu 2026, eDurban Exhibition Centre, lapho kuphinde kwethulwa khona ibhasi elisha elizosebenza kulo mzila.

Umzila i-C3 uzosuka eBridge City, KwaMashu, uphelele ePinetown. Uzoba umzila wokuqala we-GO!Durban, okuwuhlelo lwezokuthutha zomphakathi oludidiyelwe uMasipala weTheku, ukuqala ukusebenza. Kulindeleke ukuthi wenze kube lula kubahlali ukufinyelela ezindaweni zemisebenzi, ezikoleni, ezikhungweni zezempilo nakwezinye izinsiza ezibalulekile.

IMenenja kaMasipala weTheku, uMnuz uMusa Mbhele, ithe umasipala izibophezele ekuhlinzekeni izakhamuzi ngezokuthutha zomphakathi eziphephile, ezithembekile nezishibhile.

“IGO!Durban izoqinisa ubumbano phakathi kwemboni yezokuthutha nohulumeni. Sihlose ukwenza izinto zibelula kwizakhamizi nokusimamisa umnotho waleli dolobha,” kubeka uMbhele.

USihlalo we-eThekwini Metro Taxi Council, uMathula Mkhize, uthe lokhu kuyigxathu elibalulekile lwempumelelo.

“Ukusayinwa kwalesi sivumelwano kuyimpumelelo enkulu emkhakheni wezokuthutha zomphakathi, kukhombisa ukubaluleka kokusebenzisana nokubonisana phakathi kukamasipala nabo bonke ababambiqhaza,” esho.