
I-MARCH AND MARCH ISOLA AMAPHOYISA NGOKUDUBULA ABANTU

UMSUNGULI wenhlangano iMarch and March uJacinta Ngobese-Zuma

.
UMHOLI weSA First Forum uXolani Zuma.
IZITHOMBE:FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
INHLANGANO iMarch and March Movement isisole amaphoyisa ngokusebenzisa amandla ngokweqile, kulandela ukuqubuka kwesidumo phakathi kwawo nababhikishi eThekwini.
Lokhu kuholele ekutheni amaphoyisa asebenzise i-teargas nezinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza ababhikishi kuChe Guevara Road ngoLwesibili mhla ziyi-10 kuLwezi 2026.
AbeMarch and March
baziphikile izinsolo zamaphoyisa, zokuthi amalungu ayo abeyingxenye yombhikisho obewuphambana nomyalelo wenkantolo. Ithe yenze olwayo uphenyo, yakhuluma namalungu ayo yaphinde yavakashela indawo yesigameko.
“Abantu bebesondela ngasemarobhothini ngesikhathi amaphoyisa amaningi esondela ngakubona, ebayalela ukuthi babuyele ematendeni abo. Ngesikhathi belalela lo myalelo bebuyela emuva, iphoyisa elibizwa ngoCele liqale ukubadubula. Lesi sigameko senzeke cishe ngo-14:15, hhayi ngemuva kwehora le-15:00 njengoba kuvezwe ngamaphoyisa,” ngokusho isitatimende.
Umholi we-SA First Forum, uXolani Zuma, uqinisekise ukuthi kukhona abadubulekile.
“Kukhona odubuleke emhlane okukhomba ukuthi ubebaleka, nomunye udubuleke okhalweni. Beyingekho imashi ebesiyazi thina, abantu bebezilulela izinyawo beya ngasemarobhothini okuyilapho abahlangane khona namaphoyisa abadudula ngezinhlamvu,” kubeka uZuma.
IMarch and March iphinde yaveza ukuthi abantu abebekhona bathe amaphoyisa abacelile ukuba bashiye izikhali zabo zesintu ngaphambi kokuba bahambe, nokuyinto abayilalelile bayenza kodwa uCele waqhubeka nokubadubula engemuva kwabo. Iphinde yaphika izinsolo zokuthi ibihlele umbhikisho eThekwini ngalolu suku, mhla ziyi-10 kuNovemba.
Mayelana nezinhlelo zayo, iveze ukuthi isalungiselela umbhikisho ozoba seGqeberha, e-Eastern Cape, usuku lwawo oluzomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi. Iphinde yacela amalungu ayo ukuthi azothe futhi aqhubeke nokugqugquzela abantu base-Eastern Cape ukuba bahlanganyele kulo mbhikisho.
