Izindaba

UMAMKHIZE UKHALE NGOBUVILA BUKA-SBU MPISANE

USBU Mpisane owayengumyeni kaMaMkhize.
IZITHOMBE: FACEBOOK

AKHONA DLAMINI

USOMABHIZINISI uShauwn “MaMkhize” Mkhize usephumele obala ngemizwa yakhe mayelana nesinqumo senkantolo esivune owayengumyeni wakhe uSbu Mpisane, kulandela isinqumo senkantolo sokuthi kuqale inqubo yokuhlukaniswa kwempahla yabo.

INkantolo eNkulu yaseThekwini iqoke u-Eugene Nel ukuthi aqoqe, ahlonze futhi ahlukanise ngokulinganayo impahla yalaba ababeshadile.

Inkantolo ithathe isinyathelo kulandela isicelo sikaMpisane esingaphikiswanga nguMaMkhize. Inkantolo ibe seyinikeza uNel izinyanga eziyisithupha zokuthi athumele umbiko ophelele wempahla nezikweletu ezihlanganyelwe kubameli bezinhlangothi zombili.

UMaMkhize ube esebhala
ezinkundleni zokuxhumana, wathi kuMpisane akahambe ayofuna umsebenzi.

“Sekufike isikhathi lapho ngikholwa khona ukuthi sekwanele. Ngikushiye neRoyal Eagles Football Club, umuzi wethu womshado oseLa Lucia nezimoto zikanokusho. Sengathi lokho bekunganele, wakuthola konke lokhu ungakaze ukusebenzele. Ngicela manje uphume uyosebenza njengamanye amadoda,” kusho umbhalo kaMaMkhize .

UMaMkhize uphinde waveza ukuthi usebenze kanzima ukwakha lokho anakho, akazimisele ukuqhubeka nokubona igama lakhe lihudulelwa phansi.