Uncategorised

KUNZIMA ABO-KHOZI FM BENGAZITHOLI IZINKONTILEKA ZOKUQASHWA

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

LUSEYINZUKASIKEYI udaba lokunganikwa izinkontileka kwabasakazi no-producer bakwa-SABC yize kusandwa kumenyezelwa izinguquko zezinhlelo.
Kuzokhumbuleka ukuthi njalo mhlaka 1 April iziteshi ezingaphansi kwe-SABC ekubalwa kuzo uKhozi FM, Metro FM, Radio 2000 nezinye, zimemezela abasakazi abasha, nezinguquko ngenhloso yokunyusa izinga njengoba kuqhudelwana neminye imisakazo.
Kodwa muva nje kuputshuke izindaba ezithi i-SABC idonsa kanzima ezimalini ingakho idonsa izinyawo ekunikeni izisebenzi izinkontileka ezintsha.
Umthombo ose-KE Masinga Road lapho kuzinze khona uKhozi FM uthe kunzima kubasakazi no-producer njengoba bengazi ukuthi bazohola malini ekupheleni kwenyanga. Bathe uma bebuza uBusani Mthembu obambe njengeBusiness Manager noMandla Mthembu obambe njengeProgrammes Manager, babathembisa into engekho. “Ingakho sinqume ukuthi udaba lwethu silubike abathize ngoba sikholwa ukuthi luzosukunyelwa ngokushesha,” kusho omunye umthombo. UNkk Mmoni Ngubane okhulumela i-SABC uthe bayitholile incwadi ebabuzayo kodwa wathi angeke baphawule.