Uncategorised

KUTHUSE ABANINGI UKUGQABUKA KWEGODA LOMSHADO KA-MAHLANGU

UMBIKO: MABUNHLE MLABA

ZISHAQISE abaningi izindaba zokuvela kokuthi, kuyaphela ngomshado wesihlabani esaduma kwiKaizer Chiefs neBafana Bafana uJabu “Shuffle” Mahlangu.
Le nkakha yebhola ibisishade noThwana Songame iminyaka engu-21, kanti banezingane ezimbili abazithola kulo mshado.
Ngokubika kweSunday World, kuthiwa sebelala emakameleni ehlukene emzini wabo oseBrakpan eGoli.
Kuthiwa uMahlangu usewazisile umndeni wasekhweni lakhe ukuthi liyagqabuka manje ifindo lomshado.
Yize isimo simanzonzo kulo mshado kodwa kuyahlaluka ukuthi akekho ozimisele ukushiya umuzi wabo.
Ngokwemithombo, uMahlangu nguye owanquma ukuwuqeda umshado wabo, okuyinto okuthiwa yadumaza kakhulu izingane zabo zamantombazane ezimbili.
Ukubhidlika komshado wabo kwenzeka ngemuva konyaka ibhange lisabise ngokuthi lingase lidayise umuzi wabo ngemuva kokuba uMahlangu ehluleka ukukhokhela ama installments njalo ekupheleni kwenyanga.
“Akazange ayidalule imininingwane nesizathu sokuxabana kwabo, kodwa ukuqinisekisile ukuthi abasahlali ndawonye njengendoda nomfazi,” kusho umthombo.
Umthombo uphinde wathi uMahlangu usezibophezele ekukhokheleni unkosikazi wakhe ongasebenzi imali yesondlo.
Laba bobabili bavumelene ngokwabelana ngempahla yabo ephathekayo, bathengise indlu yabo futhi babelane ngemali yokudayiswa.
Okwenze abaningi bathuka uma bezwa ngalezi zindaba zokwehlukana, yingoba uThwana uwe evuka noMahlangu ezikhathini ezinzima lapho besekucatshangwa ukuthi sekuphelile ngaye. Ngesikhathi exoshwa amaqembu ahlukene akuleli, lo wesifazane ubelokhu ebonakala emeseka engamlahli.
UMahlangu ubonakale kwi video ayifake ezinkundleni zokuxhumana eneme eculela indodakazi yakhe uHlelo, njengoba bekuwusuku lwayo lokuzalwa. Njengamanje uMahlangu ungumhlaziyi webhola kwa-SABC TV kanti ukhuza ibuya kumabonwakude njengoba axoshwa iSuperSport Channel, kulandela ukuthi imoto ayehamba ngayo yashayisa itekisi kwalimala abagibeli abawu 15 ngonyaka 2022. Waphuma kule moto wadla phansi kanti akazange aboshwe.