Uncategorised

UMINIE UCACISA NGOMJOLO WAKHE

UMBIKO: MABUNHLE MLABA


ISIPHALAPHALA somethuli wezinhlelo kumabonakude esesimatheni kulezi zinsuku uMinnie Dlamini usenqume ukuphendula labo abasizakele ngezindaba zakhe ezinkundleni zokuxhumana.
Le ntokazi yaseThekwini eneminyaka engu-34 kuphuzwa ngayo itiye emizini yabantu, njengoba kusanda kuphela ngomjolo wayo kanti isanda kudelelwa “ngenkomo” yakhe uMacG wodumo lokudedela “amabhomu” ngosaziwayo kwi-podcast. UMinnie unikele ku-instagram wabhala umyalezo ethi akungagiywa ngethambo lakhe. “Esengikuzuzile ngomsebenzi wami, akumele kuhlanganiswe nomshado wami nemijolo yami. Ngaphambi kwakho konke lokhu bengiwuMinnie futhi ngiyohlala ngiwuMinnie noma sengidivosile.”
Lesi sitatimende sakhe sithakaselwe abalandeli bakhe. UDineo Ranaka uthe. “Batshele ukuthi la ukhona awufikanga ngomlingo.” UZanele Mkhize uthe. “Iyadina le nto yalaba bantu abakhuluma kakhulu ezinkundleni zokuxhumana. Sizoqhubeka sikweseke thina sithandwa sami.