U-DELILLE UPHONSELE INSELELO IZIFUNDAZWE KWEZOKUVAKASHA

UMBIKO: BUSISIWE ZONDI
UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuVakasha kuZwelonke, uNkz Patricia Delille uphonsele izifundazwe ngokwahlukana kwazo, ukuthi zizikhathalele ezokuvakasha ngoba yizo eziwumgogodla wokuthuthukisa umnotho.
UNgqongqoshe Delille ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo kwi Travels Tourism Indaba e-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre eThekwini.
“ Ukuzimaketha kwenza isifundazwe sihehe abavakashi. Ziningi izinto ezisuke zingaziwa ngesifundazwe kodwa uma sesikwazi ukuzikhangisa, kuningi okungaheha izivakashi, ukuhambela kwezivakashi kukhuphula umnotho futhi sibeke leso sifundazwe kwibalazwe,” esho.
UMUSA MEDIA uvakashele isitendi sikaMasipala iMoses Kotane eNorth West okuyilapho esithole khona umuzwa wabo wokuba yingxenye yalo mcimbi kaZwe Lonke.
UMnu Mokopane Letsoalo oyisikhulu kulo masipala uthe leli thuba abaziphothi ngalo, bagxuma bahlale, balisebenzisa kakhulu ukuveza ubuhle nokunotha kwesiFundazwe noMasipala.
“Silapha kwiSouth Africa’s travel Indaba ngomqondo ocacile ukuthi siphokophele ukuheha abahwebi, sakhe ubudlelwane nabo siphinde sibabonise ukuthi siyiMoses Kotane, yini esiyiqukethe kusuka emasikweni ethu, ezokuvakasha endaweni esemakhaya nemvelo yethu enomlando onothile.”, esho.
Uqhube wathi banezindawo ezinhle okubalwa iMphebatho Cultural Museum eseMoruleng, indawo ekhangisa ngobuhle eseduze nePilanesberg nokunye.
Uthe iMoses Kotane yenza kahle kakhulu kwezokuvakasha, kodwa basafuna ikhule ithuthuke.


