IKHWELO LOKUHAMBELA IZINDAWO ZAMAFAGUGU

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
KUSAQHUTSHEKWA nokuhlaba ikhwelo lokugqugquzela abantu baKwaZulu-Natal ukuthi bavakashele izindawo zamafagugu.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uMnuz Mntomuhle Khawula, emgubhweni we-International Museum Day obuse-Howick, obe esezwakalisa isifiso sokuthi iCapture Site, athe izigcinamagugu azizona izizinda zamasiko nezikhungo zesikhumbuzo kuphela, kodwa ziphinde zigqugquzele ukuthuthukiswa komnotho.
“Abantu abangezwa ngabanye abantu abangasibona bakule sifundazwe. Abazijwayeze ukuthi bazivakashele lezi zindawo babone ukunotha kwazo. Leyo mali abayikhipha uma bengena ingaklama indima enkulu ekugcineni lezi zindawo zisezingeni elihle,” kubeka uKhawula.
Uthi lesi sizinda iCapture Site esikhona sasungulwa ngo 2012 ukukhumbula iminyaka engu-50 uMandela aboshwa kumgwaqo R103 eduze neHowick.
Esephetha uveze ukuthi njengamanje uMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko ufukamela izigcinamagugu ezingama-41 ezixhaswe uMnyango, ngenhloso yokuthi izigcinamagugu zisebenze ngendlela ofanele.
“ENingizimu Afrika, izigcinamagugu zomlando zingofakazi besikhathi sethu esidlule kuzo. Kusukela ezibazini zobukoloni, ubandlululo kuya ezinzuzweni ezizuzwe kanzima zentando yeningi. Zivikela izindaba zethu zomzabalazo, ezokunqoba, ezobuhlungu nokuqina. Azisikhumbuzi nje kuphela ukuthi sivelaphi, kodwa namaphupho esinawo esikhathini esizayo.”

IZITHOMBE: MTHOKO MKHIZE
