Uncategorised

I-COMRADE UMJAHO OYIFA ELIJULILE E-KZN

UMBIKO: SHIELA MHLONGO

I-COMRADE Marathon kakusikona nje ukugijima kodwa uyifs elibeka iNingizimu Afrika kwibalazwe, ukhuphule kakhulu umnotho KwaZulu-Natal futhi ukwazi ukuqinisa ubudlelwane namanye amazwe.

Lokhu kugqama kakhulu ngokubonakala kokugcwala kwezindawo zokulala, njengoba kunabagijimi abaqhamuka emazweni wonke okubalwa awase-Afrika nawaphesheya kwezilwandle, abafike kusaqala isonto ukuzozijwayeza isimo sezulu sase-Thekwini.
Kulo nyaka lo mjaho wenze okungajwayelekile uhlukanisa ukusuka kwabagijimi kabili, ngenhloso yokubalekela ukuminyana, njengoba bebebalelwa ku-23 000 abagijimi ebebewungenele.

UNdunankulu KwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli uthe bayaziqhenya kakhulu ngokusingatha ngempumelelo umjaho weComrades Marathon 2025, oklame indima enkulu ekukhuphuleni umnotho nokuqinisa amaxhamu obudlelwane namanye amazwe.

“Sibonga zonke izinhlaka ezahlukene ezibambe iqhaza ukwenza lomjaho ube yimpumelelo okubalwa abezokuphepha, abezimo eziphuthumayo, amavolontiya nemiphakathi ngokweseka abagijimi. Lo mjaho uyifa elikhulu lesifundazwe, elihlanganisa abantu futhi elingathuthukisa umphakathi wonkana,” kubeka uNdunankulu uNtuli.
UNdunankulu ubonge uMasipala waseMgungundlovu noMasipala weTheku ngokusingatha kahle, waphinde wagcizelela ukuthi umjaho uletha umnotho ezindaweni eziningana, ikakhulukazi kwezokuvakasha,
UTete Dijana okuwuyena oshaye intambo kuqala kulo mjaho ukuthakasele kakhulu ukwenza kahle okwesithathu, kwazise ngonyaka owedlule akenzanga kahle ekhishwa eshunini ukwenyuka njengoba umjaho wawusuka eThekwini uya eMgungundlovu. Umzimba kaTete wamnika inkinga kakhulu, kanti kulo nyaka uqede ephila saka.